Meyi 2021
Kunoma ngubani othintekayo
IDolobha LaseTshwane lizokwenza ucwaningo lokwaneliseka kwamakhasimende phakathi kukaMeyi no-Agasti 2021 ukukala isipiliyoni sakho sokuhlinzekwa kwezinsizakalo eTshwane. Ngokubanzi, lolu cwaningo luhlose ukwenza ngcono ukuxhumana okuzayo, ukungenelela kwezokuhlinzekwa kwezinsizakalo kanye nokuxhumana phakathi kweDolobha LaseTshwane kanye nawo wonke amakhasimende alo.
Ukubamba kwakho iqhaza kulolu cwaningo ukwenza ngokuzithandela kwakho. Lonke ulwazi oluihlinzekile luzophathwa ngokuyimfihlo futhi nanokuthi ungubani kuzohlala kuyimfihlo.
Siyabonga ngokuzimisela kwakho ukubamba iqhaza kulolu cwaningo. Sikulindele ngabomvu ukuthola impendulo yakho ukuze kuthuthukiswe izinsizakalo zethu!
Ozithobayo
Mmaseabata Mutlaneng
Ibamba Lemenenja Yedolobha